Jump to content

Uqeqesho lakwaNgqondonkulu

Mayelana Wikipedia

Academic_disciplines_(collage)

Uqeqesho lakwaNgqondonkulu noma intwaso yakwangqondonkulu umhiba wolwazi olufundiswa futhi lucwaningwe ekolishi noma ezingeni lasenyuvesi. Izintwaso ziyachasiswa (ingxenye ) futhi ziqashelwa imihela yakwangqondonkulu lapho kushicilelwa khona ucwaningo, nayizinhlangano zafundileyo neminyango yakwangqondonkulu esemakolishi nasemanyuvesi lapho ongoti bazo bekhona. Izintwaso zakwaNgqondonkulu ngokwesivumelwano zinkampulwe zaba ezoluntu (ezihlanganisa injulalwazi, uLimi, ubuciko nezifundo zesikompilo), izintwaso zenzululwazi (ezifana nomchazandalo, umchazatho, kanye nomchazampilo), nezinzululwazi ezithe chwephe njengomchazazibalo nenzululwazi yesicikizi; izinzululwazi zenhlalo kwesinye isikhathi zibalwa njengomunxa wesine.


Abantu abayamaniswa nezintwaso zakwaNgqondonkulu bavame ukubizwa ngokuthi izongcweti noma ongoti.

Nakuba izintwaso zakwaNgqondonkulu ngokwazo zingahlozingile entweni eyodwa, Kodwa ezinye izisondelo ezifana nentwasoningi, ukuxubuqeqesho zivame ukudidiyela izici zezinye izintwaso.

Abanye abacwaningi bakholwa ukuthi esikhathino esizayo, izintwaso zakwaNgqondonkulu, zizofakelelwa ngalokho abathi Mode 2 noma "inzululwazi elama-kwangqondonkulu", ebandakanya ukuzuza ulwazi lwezintwaso, olulethwa ngokubambisana kongoti abahlukene boqeqesho lakwaNgqondonkulu.