Isivoko sokuxhumana
Isivoko sezokuxhumana yisivoko esidlulisa futhi siqongise iziyabizo zomsakazo wezokuxhumana kude ngesinaneli (transponder); lesi sivoko sidala umngqangu wokuxhumana phakathi kwesifufukisi esiwumthombo nesamukeli ezindaweni ezihlukene Emhlabeni . Izivoko zezokuxhumana zisetshenziselwa umabonakude, ucingo, umsakazo, uxhakaxholo, nezinhlelo zezempi . [1] Izivoko eziningi zokuxhumana zitholakala kuzungezo olugculengqi emkhathini ngaphezu kwenkabazwe, ukuze isivoko sibonakale simile endaweni efanayo esibhakabhakeni; ngakho-ke izihoshamoya zesitsha sesivoko ezisezigculweni eziphansi zingaqondiswa unomphela kuleyo ndawo futhi akudingeki ukuthi zinyakaze ukuze ziguduze isivoko. Ezinye zakha izishomo zesivoko ezisendaweni eseduze nomhlaba, lapho izihoshamoya eziphansi kufanele zilandele ukuma kwezivoko futhi ziqhebeze phakathi kwezivoko njalo.
Amaza omsakazo asetshenziselwa amakhongco wokuxhumanakude ahamba ngomugqa wokubuka futhi avinjwe inkumbela yoMhlaba. Injongo yezivoko zokuxhumana ukudlulisa iziyabizo enkumbeleni yomhlaba okuvumela ukuxhumana phakathi kwezindawo eziqhelelene kakhulu. Izivoko zezokuxhumana zisebenzisa imijinge yomsakazo neyamachadaza anhlobonhlobo . Ukuze kugwemeke ukuphazamiseka kweziyabizo, izinhlangano zamazwe ngamazwe zinemithetho yokuthi imuphi umjinge noma "iziyaca" izinhlangano ezithile zivunyelwe ukuyisebenzisa. Lezi zabelo zeziyaca zinciphisa incuphezo yokuphazamiseka kwesiyabizo.
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Labrador, Virgil (2015-02-19). "satellite communication". Britannica.com. https://www.britannica.com/EBchecked/topic/524891/satellite-communication. Retrieved 2016-02-10.