Jump to content

Inzululwazi yemvelo

Mayelana Wikipedia
Izinzululwazi zemvelo zicinga ukuqonda indlela izwe nomkhathilibe okusizungezule okusebenza ngayo. Kunamagatsha amahlanu amakhulu: Umchazamkhathi, Umchazandalo, Umchazatho, inzululwazi yomhlaba, nomchazampilo.

Inzululwazi yemvelo ingelinye lamagatsha esayensi aphathelene nencaziso, ukuqonda nokubikezela izimongotho zemvelo, ngokusekelwe ebufakazini obunamandla obuvela ezingqaphelweni nasemigcansweni . Izinyathelo ezifana nembuyekezo ecubungulayo nokuziphindaphinda kwemiphumela kusetshenziswa ukuqinisekisa ukuba yiqiniso kokuqombola kwenzululwazi.

Inzululwazi yemvelo ihlukaniswa kube amagatsha amabili ayinhloko: Inzululwazi yempilo kanye nenzululwazi yokoqobo. Inzululwazi yempilo yaziwa nangokuthi umchazampilo, futhi Inzululwazi yokoqobo ihlukaniswe ngamagatshana kanje: umchazandalo, umchazatho, inzululwazi yomhlaba, umchazamkhathi. La magatsha wenzululwazi ahlukaniswa ngokuqhubekayo kube amagatsha akhethekile (imikhakha ). Njengezinzululwazi zobufakazi, izinzululwazi zemvelo zisebenzisa izinsiza ezifana nomchazazibalo kanye nomhluzamqondo, ukuguqula ukwaziswa okuphathelene nendalo kube izilinganiso okulula ukuzichaza ngokulandela "imithetho yendalo".